Isivakashi sibulawe yingwenya

2018-01-04 12:34

Harare – Isivakashi kubikwa ukuthi sishonile kanti esinye sisesimeni esibucayi ngemuva kokuhlaselwa yingwenya eMatopos National Park eMatabeleland eZimbabwe ngempelasonto.

Ngokombiko wephephandaba loMbuso iHerald, iZimbabwe Parks and Wildlife Authority isiqinisekisile isigameko, yathi isivakashi uJohn Bowman sishonele endleleni ebheke esibhedlela kanti uRosemary Mitchell yena usesimeni esibucayi esibhedlela.

Akuzange kudalulwe ukuthi badabuka kumaphi amazwe.

OLUNYE UDABA: Alukho ushintsho eZimbabwe - Mujuru

Okhulumela iZimbabwe Parks and Wildlife Authority uTinashe Farawo uphinde wathi lolu daba lubikiwe emaphoyiseni.

Uphinde weluleka izivakashi ngokuthi zingasondelani nezilwane zasendle.

"Noma ngabe ziqeqeshwe kanjani, zingaba yingozi,” kusho uFarawo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-24°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...