ISITHOMBE: UMugabe ubonakale ephuma esibhedlela eSingapore

2017-12-15 11:01

Singapore - Lowo owayengumengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe, owakhishwa emandleni ngenyanga eyedlule, uhambele esibhedlela esiseSingapore ngoLwesihlanu eyohlolwa isimo sempilo.

Bekungokokuqala ebonakala emphakathini kusukela aphoqwa ukuba ashenxe esikhundleni ngemuva kokuthi umbutho wezempi washaqa amandla oMbuso okwabona ukuphela kokuphatha kukaMugabe kweminyaka engu-37.

Lo mholi, 93, ubonakale ephuma ekheshini yasesibhedlela eGleneagles Hospital eSingapore egqoke ihembe elimhlophe kanye nebhulukwe elimnyama, ephelezelwa ngabantu abayisishiyagalombili, kusho izintatheli ze-AFP.

Ubonakale ephuma eshesha ebhilidini ngaphambi kokuba yena nabehamba nabo bangene ezimotweni ezimbili abebehamba ngazo.

OLUNYE UDABA: 'Wakhala izinyembezi ehla esikhundleni uMugabe'

Izisebenzi ezimbili zasesibhedlela, ezicele ukungadalulwa amagama azo ngoba kazigunyaziwe ukukhuluma nabezindaba, ziqinisekisile kwi-AFP ukuthi uMugabe ubekhona kulesi sibhedlela.

Okhulumela iGleneagles unqabile ukuphawula.

Lowo owayekhulumela uMugabe, uGeorge Charamba, uthe ngoLwesine uMugabe uzohambela eSingapore ayohlolwa njengengxenye yesivumelwano sokuthi "ahambele phesheya kwezilwandle" njengomengameli osethathe umhlalaphansi.

Uthe uhulumeni omusha uzimisele ngokumhlonipha uMugabe.

ISITHOMBE:

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...