Isimanga indoda ingcwatshwa nemali 'yokugwazela' uNkulunkulu

2017-01-12 10:00

Kampala – Owesilisa wase-Uganda kubkwa ukuthi ungcwatshwe nemali engu-$5 700 athe uzoyinikeza uNkulunkulu ukuze ezomhlanza izono zakhe, angayi esihogweni.

Ngokombiko wephephandaba iDaily Monitor, uCharles Obong, 52, lesi sicelo wasibhala encwadini yefa, ngokusho komndeni wakhe.

Kodwa imali kuthiwa ngemuva komngcwabo izikhulu zomphakathi zayimba ngemuva kokwaziswa ngalolu daba.

UReverend Joel Agel Awio ucashunwe ethi ayikho imali okungathengwa ngayo impilo yangunaphakade, waphinde wathi uNkulunkulu ngeke amukele ngisho intshontsho.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele obhunyele intombi yomyeni ngamanzi abilayo

Umfowabo wenkosikazi kamufi ukuqinisekisile ukuthi ngesikhathi kumbiwa isidumbu sika-Obong kutholakale imali engamaphepha ango-$100 eyenza u-$5 700.

U-Obong ushone ngoDisemba 17, 2016, ngemuva kokugula isikhathi eside kanti ungcwatshelwe emathuneni ase-Adag-ani Village.

U-Obong ungcwatshwe ngebhokisi lensimbi elingabiza u-$5 509.60.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-27°C Sunny. Pleasantly warm. Pta: 11-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 8-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...