Isimanga abantu besifazane namantombazane bevuka 'bengasadilozile'

2017-03-04 12:06

Bulawayo - Kwenzeke inqaba yesigameko, abantu besifazane namantombazane abangaphezu kwabangu-200 baseMurehwa bevuka bengawagqokile amaphethi bebe belale bewagqokile.

Umholi wesigodi, uJoel Bere Gotora, 65, uqinisekise lesi sigameko wathi ufuna usizo ukuze kuzogezwa isigodi.

Abantu besifazane namantombazane abangaphezu kwabangu-200 bavuka bengasadilozile, okuyisigameko esashoya isigodi sonke sishaqekile.

OLUNYE UDABA: Izelamani zikhala ngokwebelwa amaphenti

"La maphenti atholakala ngemuva kwesikhashana eyiqoqo eMount Mazini esetholwa ngabantu besifazane ababili ababetheza, u-Elizabeth Shoriwa no-Elizabethe Chidavaenzi.

"Le ndawo kuthiwa ikhungethwe yimimoya emibi yingakho kucelwa usizo lokuba igezwe," usho njalo.

Izisulu zinqabile ukuwathatha amaphenti azo zacela umholi wesigodi ukuba angenelele ngokushesha ukuvimela izigameko ezifana nalezi ukuba zingaohinde zenzeke.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...