Isililo kushona ungqongqoshe obesesibhedlela

2017-07-08 13:01

Nairobi – Uhulumeni waseKenya ngoMgqibelo umemezele ukudlula emhlabeni kukaNgqongqoshe wezangaPhakathi uJoseph Nkaissery, oshonele esibheddlela esisenhlokodolobha iNairobi.

UNkaissery, 68, owayekade eyisosha ngaphambi kokuthatha umhlalaphansi, ubesebambe kulesi sikhundla ashone ekuso kusukela ngo-2014.

"Ngokukhulu ukushaqeka nokudangala sithanda ukumemezela ukuthi akasekho emhlabeni uGeneral Joseph Nkaissery," kusho isitatimende sikahulumeni waseKenya.

Siqhube ngokuthi uNkaissery ushonele eKaren Hospital, eNairobi, emahoreni ambalwa edlule ngemuva kokungeniswa kuso eyoxilongwa njengokujwayelekile.

UNkaissery ubeyiLungu lePhalamende phakathi kuka-2002 no-2014 ngesikhathi uMengameli u-Uhuru Kenyatta emfaka kwesikangqongqoshe engena ezicathulweni zikaJoseph Ole Lenku owaxoshwa kulandela ukunyuka kwezigameko zokuhlasela kwabashokobezi ezweni. 

Akucaci okwamanje ukuthi lo ngqongqoshe ubulawe yini.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...