Isikole siyalelwe ukuba sibuyise abaxoshwa ngoba bekhulelwe

2016-03-22 12:28

Bungoma – Alinganiselwa kwangu-20  abantombazane, abexoshwe esikoleni saseKenya emasontweni amabili edlule ngemuva kokuba kutholakale ukuthi akhulelwe, asenikwe ithuba lokuqhubeka nokufunda kulandela umyalelo woMnyango wezeMfundo wokuba ababuyiselwe.

Amantombazane, aneminyaka ephakathi kwengu-14 nengu-18 ubudala, axoshwa ngemuva kokutholakala ukuthi akhulelwe ngesikhathi ehlolwa.

Funda nalolu daba: Kumshubele owashaya umkakhe wafuna ukulala naye ngenkani

Ngesikhathi exoshwa esikoleni, kuthiwa utshishanhloko uPeter Kororia wawatshela ukuthi ahlaza igama lesikole, wafunga wagomela ukuthi ngeke awabhalisele ukuba abhale izivivinyo zokuphela konyaka zeKenya Cerificate of Secondary Education (KCSE).

Kodwa asethole ithuba lesibili manje ngemuva kokungenelela koMnyango oyalele uthishanhloko ukuba ababuyisele esikoleni, wathi anelungelo lokuqhubeka nokufunda.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...