Ishonile ingane elunywe imamba emnyama ekha izithelo

2017-01-28 15:03

Bulawayo - Intombazane eneminyaka eyishumi ubdala ishonile ngemuva kokulunywa inyoka emnyama.

Lokhu kwenzeke endaweni yaseMangwe, le nyoka ihlasele lengane ikha izithelo.

Ngokwephephandaba iChronicle newspaper, uNewo Sibanda ubenomfowabo uFosi Sibanda, 15, ngesikhathi kwenzeka lokhu ngoLwesine.

Kuthiwa uFosi obone le nyoka ilele etshanini, wase etshela udadewabo ovele wathuka wayinyathela.

Le nyoka imlume umlenze.

OLUNYE UDABA:Kuvive imamba emnyama edamini elilungiswayo

Kusize ilungu lompkhakathi elizame ukuphuthumisa uNewo esibhedlela kodwa ngeshwa washonela endleleni.

IMamba emnyama ingenye yezinyoka ezinoshevu omubi kakhulu kulelizwekazi lase-Afrika.

Ngesonto eledlule, umfana, 8, naye washona ngemuva kokulunywa yiloluhlobo lwenyoka.

Ngokusho kuka nina, isibhedlela besingenayo imishanguzo yokwelapha uMacdonald Simango ngemuva kokulunywa yile nyoka emobeni.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-21°C Morning clouds. Cool. PE: 10-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...