Ishonile indoda edle ukudla kubo kamngani wayo

2017-10-15 12:32

Bulawayo - Ishonile indoda eneminyaka engu-19 ubudala yaseMangwe ngemuva kokudla ukudla kwakusihlwa kubo kamngano wayo.

Okhulumela amaphoyisa aseMatabeleland South Provincial, u-Ins Philani Ndebele uqinisekise isigameko esenzeke ngoLwesithathu ngezithuba zabo-22:00.

Uthe uBrilliant Kukhanya Sibanda waseMakwakwa Village, ukhale ngezinhlungu esifubeni ngemuva kokudla ukudla kwakusihlwa kubo kamngani wakhe ngezithuba zabo-20:00.

OLUNYE UDABA:Kuphinde kwambhedela owadlisa ayethandana nabo ushevu

"NgoLwesithathu uSibanda waya kubo kamngani wakhe, eyomvakashela. Kwathi sekudliwa naye bamuphakela, wadla kanye nawo wonke umndeni wakwamngani wakhe.

"Kuthe ngemuva kwemizuzwana waqala wakuthola kunzima ukuphefumula, waphinde wakhala ngezinhlungu esifubeni. Isimo sakhe siye sabanzima waze washona ngezithuba zabo-22:00," usho njalo.

UNdebele uthe udaba lwabikwa emaphoyiseni afika endaweni yesigameko. Uthe isidumbu sikaSibanda siphuthunyiswe esibhedlela i-United Bulawayo, siyohlolwa.

"Okwamanje sisaphenya imbangela yesigameko."

INkosi uHobodo uqinisekise isigameko esenzeke endaweni wathi uSibanda ongumzukulu wakhe. Umndeni usalinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu.


 - Bulawayo24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...