Ishonele ezandleni zentombi indoda eshadelwe

2017-04-05 12:31

Bulawayo - Ishonele ezandleni zentombi indoda eshadelwe ngemuva kwezinsuku ezintathu ithuthile ekhaya yayohlala nentombi e-Old Lobengula, eBulawayo.

USamson Ndebele ushone ngoLwesibili ekuseni ngezithuba zabo-09:00 ngemuva kwezinsolo zokubhuqabhuqwa yisisu isikhathi esingangehora.

Ilungu lomndeni, uDaniel Sibanda, unqabile ukuphawula ngesigameko wadlulisela imibuzo kuloyo okhulumela umndeni ocele ukuba abezindaba iThe Chronicle, baphume bapshele endaweni yesigameko.

OLUNYE UDABA:Ihlazo obeshade nomsakazi elotsholwa “yishende”

"Lolu wudaba lomndeni, anamukelekile la. Ngicela nibone enifike ngayo," kusho umfowabo kamufi, uBaba Ndebele.

Yize kunjalo ilungu lomndeni elicele ukuba lingadalulwa, lithe kusolwa isandla semfene njengoba uSamsom ebengumqemane.

"Udaba luzophenywa impela nje ngoba asiqondi ukuthi umuntu angavele ashone kanjalo ekubeni ekade ephila saka. Angeke angcwatshwe kuze kutholakale imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu," esho.

USamson, okuthiwa ungubaba wezingane ezine, ubesanda kuthuthela kwenye indawo lapho abezohlala khona nentombi yakhe ngoMgqibelo ebusuku.

Amaphoyisa abizelwa endaweni yesigameko ngezithuba zabo-09:30 kodwa aze afika ngezithuba zabo-13:00 esehamba nemoto yezidumbu.

Okhulumela amaphoyisa aseBulawayo u-Inspector Precious Simango akatholakalanga ukuba aphawule.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...