Ishonele esibhedlela indoda, 32, 'ehlaselwe kubangwa intombi'

2017-01-27 16:02

Bulawayo - Kusolwa ukuthi indoda yaseZimbabwe etholwe emqashweni wayo imanxeba nxeba emzimbeni ihlaselwe kubangwa owesifazane.

Ngokuwephephandaba iChronicle, uMthokozisi Sibanda, 32, oduke kusukela ngoLwesihlanu olwedlule, ushonele esibhedlela ngaphambi kokusho ukuthi uhlaselwe ngubani.

OLUNYE UDABA: Indoda enesikhwele igwaze umakhelwane kubangwa intombi

USibanda utholwe ozakwabo edindilize phansi enqunu emqashweni wakhe ngemuva kokuduka emsebenzini ngoLwesihlanu nangoMsombuluko.

USibanda utholwe elimele futhi enamanxeba okusha emzimbeni.

Ube esephuthunyiswa esibhedlela kodwa ngeshwa kwamenela ngoLwesibili. Bathi uSibanda ubebukeka esaba futhi ubekhuluma ethi kunabantu abamhlaselile kubangwa owesifazane.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-18°C Partly cloudy. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-33°C Sunny. Hot. PE: 17-25°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...