Inyunyana yaseZim ithi ayifuni abakuleli bayozama amathuba khona

2018-02-04 16:40

Johannesburg - ICommercial Farmers Union of Zimbabwe ithi ayihambisani nokuba abantu baseNingizimu Afrika baye kuleliya lizwe beyofuna amathuba kwezolimo.

Le nyunyana inxuse uhulumeni ukuba anike kuqala amathuba abantu bakuleliya lizwe njengoba lizama ukufukula umnotho.

"Siyazi ukuthi kunabantu eNingizimu Afrika abafuna ukuwela umngcele befuna amathuba kwezolimo eZimbabwe.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owathumba ishende likankosikazi

“Thina njengenyunyana asihambisani nalokho ngoba sifuna abalimi bethu banikezwe amathuba.

"Inkinga ukuthi ukwenza lo msebenzi kudinga imali kanti nemali ayikho kuleli,” kusho uBen Gilpin wenyunyana.

Angaphezu kuka-4000 amapulazi abelungu adliwa ngaphandle kokuba abanikazi banxeshezelwe kuleliya lizwe kanti kumanje alinganiselwa ku-300 amapulazi okungawabelungu eZimbabwe ngemuva kokudliwa kwawo  okwaqala ngo-2000.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...