Intukuthelo kuphela izithako zokwenza ubhiya eZimbabwe

2018-05-09 19:08

Harare – Bekunemvunge ezinkundleni zokuxhumana eZimbabwe kulandela ukuthi inkampani enkulukazi ekhiqiza iziphuzo, iDelta Corporation, iveze ukuthi ziyaphela izithako zokwenza ubhiya nonemenaydi, kanti abantu bakhala ngokuthi lokhu kuchaza ukuthi kuzoshoda ubhiya kulezi zinsuku ezimbalwa ezizayo.

Lokhu kungenxa yokuthi iDelta Corp, okungenye yezinkampani ezinkulukazi kwiZimbabwe Stock Exchange, ingakwazi ukuthenga kwamanye amazwe izithako zokwenza lezi ziphuzo ngenxa yokuhluleka wukukhokhela abahlinzeki baphesheya.

IZimbabwe ibhekene nezinkinga zokushoda kwemali ngenxa yesikhathi esinzima somnotho izwe elingaphansi kwaso.

Izikhulu zale nkampani zithi zisalelwe yizithako ezozokwanela umkhiqizo wesonto elilodwa vo.

Abadayisi eHarare bathi ezinye izinhlobo zikabhiya kazisekho ezitolo vele.

Bathi balindele ukuthi isimo siqhubeke nokuba manzonzo ngemuva kwesimemezelo seDelta.

Abanye basole uhulumeni kaMengameli Emmerson Mnangagwa ngezinkinga ezibhekene nezwe.

Kusukela angena emandleni ngonyaka owedlule, ngemuva kokuketulwa kukaRobert Mugabe, uMnangagwa wathembisa ngokuguqula isimo somnotho wezwe.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...