Inkabi idubule yabulala umngani ngemuva kokuthenjiswa iToyota Quantum

2017-02-12 10:33

Bulawayo - Usolwa ngokuba ngumaligaju owesilisa obhekene nawokubulala umngani wakhe wase engcwaba isidumbu sakhe eceleni kwesinye.

URodney Tongai Jindu, 25, waseGengarry kuthiwa wadubula uCyprian Kudzurunga, 28, waseQueens Park ngomhlaka 29 ku-Januwari wase engcwaba isidumbu sakhe esigangeni.

NgoMgqibelo lo mlisa waholela amaphoyisa kule ndawo nokuyilapho awabonise khona esinye isidumbu sikaMboneli Ncube naso asingcwaba khona lapha eduze kwethuna likaKudzurunga.

UNcube, walahleka ngomhlaka 12 kuJanuwari kanti kuthiwa wayehlala ngakubo kaJindu.

Amaphoyisa athi kunomuntu wesithathu onyamalele naye okuthiwa wagcina ukubonakala enoJindu.

OLUNYE UDABA:Ugwetshwe kanzima owathenga inkabi

Imithombo esondelene nalolu daba ithi umsolwa wayethengiwe ukuthi abulale uNcube, kubika iBulawayo24.

“Wabulala uNcube ngemuva kokuthi athenjiswe u-$20 000 (imali yaseZimbabwe) noma i-Toyota Quantum ethenjiswe yiqoqo lamadoda elidume ngokuthi lingoMalayisha.

“Umsolwa wadubula wabulala uNcube wanikela ngomzimba wakhe kuleli qoqo elafike lathatha izicubu zomzimba ngaphambi kokumbuyisela sona isidumbu,” kusho umthombo.

Kuthiwa wabulala uKudzurunga ngoba wayeyazi le mfihlo yakhe futhi wayesaba ukuthi uzomdayisa emaphoyiseni.

Omakhelwane bakaNcube basashaqekile ngalokhu okuvelile ngoba bethi uNcube noJindu bebengabangani abakhulu yize babengafani.

Kuthiwa uNcube wayengumuntu okhululekile futhi ephaphile, kodwa uJindu yena ubengumuntu othulayo futhi ethanda ukuhlala yedwa esikhathini esiningi.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...