Inhlangano ephikisayo ifuna uMengameli axoshe isikhulu samaphoyisa

2017-11-27 19:26

Harare – Amaqembu aphikisayo eZimbabwe kubikwa ukuthi anxuse uMengameli Emmerson Mnangagwa ukuba axoshe uKhomishana wamaPhoyisa uGeneral Augustine Chihuri ngoba uhola amaphoyisa anenkohlakalo avikela izigebengu, abophe izisulu.

Ngokombiko weNewsDay, okhulumela iMovement for Democratic Change (MDC) u-Obert Gutu unxuse uMengameli omusha ukuba aqinise isandla, axoshe isikhulu samaphoyisa esinenkohlakalo.

"UChihuri kumele axoshwe futhi aboshwe ngolwenkohlakalo, ukwehluleka ukubopha abasolwa, ngisho abangaphansi kwakhe ngezikhundla sebewavulile amadokodo. Kunalokho, ufuna kuboshwe abamangali aphinde axhaphaze izinhlaka zoMbuso, evikela izigebengu,” kucashunwa uGutu.

OLUNYE UDABA: 'Wakhala izinyembezi ehla esikhundleni uMugabe'

UMengameli osanda kugcotshwa kuthiwa uhlela ukulungisa izinto kwezophepha, ikakhulukazi emaphoyisa, ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi umthetho uyathotshelwa.

Umthombo ongadalulwanga osondelene noMengameli kubikwa ukuthi uthe vele uMnangagwa kungenzeka asikhombe indlela isikhulu samaphoyisa.

UMnangagwa ugcotshwe ngoLwesihlanu enkundleni yezimidlalo ebigcwele phama.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 16-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 14-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...