‘Indodakazi’ kaMugabe isungule iqembu lezepolitiki

2016-03-01 17:03

Harare – Lowo owayeyisekela likamengameli eZimbabwe, uJoice Mujuru, usungule iqembu elisha ngemizamo yokuphonsela inselelo iqembu likaMengameli Robert Mugabe, iZANU-PF.

"Namhlanje wusuku oluzoba semagomagomeni omlando,” kusho uMujuru esungula iqembu lakhe iZimbabwe People First esithangamini sabezindaba.

UMugabe, osanda kugubha iminyaka engu-92 ubudala, waphatha iZimbabwe kusukela ngo-1980.

OLUNYE UDABA: Kwakungekho sandla semfene kolukaMujuru

Kanti kulindeleke ukuthi alungenele futhi ukhetho luka-2018.

"Kumele iqedwe nya indaba yenkohlakalo kuleli lizwe,” kusho uMujuru.

UMujuru wayengamathe nolimi noMugabe esaku-ZANU-PF, kanti lo mengameli wayethatha uMujuru njengendodakazi yakhe ngendlela ababezwana ngayo.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 14-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...