Indoda 'yaliwe' yintombi yakhetha ukuzilengisa

2017-05-18 16:00

Bulawayo - Kusolakala ukuthi izilengisile indoda eneminyaka eng-28 ubudala yaseBulilima kanti lokhu kuthiwa ikwenze ngemuva kokwaliwa yintombi.

U-Oscar Mpofu waseVillage 22 eDombolefu Ward utholwe eseyisidumbu, etholwa umuntu obedlula ngendlela elenga esihlahleni endaweni eyihlathi ngoLwesibili.

Ikhansela le ndawo, uMorgen Ndebele, liqinisekise isigameko kodwa imbangela yokushona kukaMpofu ayicaci.

OLUNYE UDABA:Ifuna ilungelo lokukhipha isisu ingane, 10, eyadlwengulwa

"Kunendoda yasendaweni etholwe ishonile kanti kusolwa ukuthi izibulale ngokuzilengisa. Ima ngisazoyithola imininingwane egcwele ngokuthi kwenzekeni," usho njalo.

Isakhamuzi sendawo uSmart Ncube uthe uMpofu waliwe yintombi ngaphambi kwesonto elilodwa eshonile.

"Kusolwa ukuthi uMpofu uzibulele ngenxa yokwaliwa. Uthole ukuthi intombi yakhe isinesoka elisha kwathi uma eyibuza ngalo yavele yamala.

"Umndeni wakhe udalule ukuthi uMpofu wayengaphathekile kahle ngemuva kokwaliwa. Kwaphela isonto ehlukene nentombi wabe eseyazilengisa," kusho uNcube.

 - Bulawayo24

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...