Indoda isolwa ngokubulala umkayo, yalahla isidumbu emfuleni

2018-03-27 19:27

Lagos - Owesilisa ogama lakhe nguNnana Ononaku, uvele eNkantolo yeMantshi yase-Ebute Meta ngoMsombuluko ngezinsolo zokunklinya unkosikazi wakhe waze washona maqede walahla isidumbu sakhe.

U-Ononaku, 45, wabekwa icala lokubulala ngemuva kokuba ngumsolwa kuleli cala, kubika iPunch.

Umsolwa akazange abuzwe ukuthi uyalivuma noma uyaliphika na icala ngesikhathi evele enkantolo.

Ngaphambilini, umshushisi omkhulu u-Inspector Cousin Adams, watshela inkantolo ukuthi umsolwa lesi sigameko kusolakala ukuthi wasenza ngomhlaka-15 Febhuwari nonyaka.

U-Adams uthe umsolwa kukholakala ukuthi wanklinya unkosikazi wakhe u-Iyabo Akinpelu, 48, ngaphambi kokulahla isidumbu sakhe osebeni lomfula.

OLUNYE UDABA: Ulale okokuqala ejele owabulala umkakhe esayiphoyisa

“Isidumbu sikamufi satholakala sintanta emanzini, izandla zakhe ziboshwe ngentambo," kusho umshushisi.

Uthe umsolwa wephula uSection 223 weCriminal Law of Lagos State, okubeka ngokusobala ukuthi abantu abalahlwa yileli cala isigwebo sabo kuba ngukufa.

IMantshi u-A.O. Adegite, uyalele ukuba umsolwa agqunywe esitokisini kuze kube uphiko lokushushiswa komphakathi lukhipha isinqumo ngaleli cala abhekene nalo.

Icala lihlehliselwe umhlaka-30 Ephreli.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...