Indoda igwazwe esweni kuphuzwa umqombothi

2017-10-18 16:04

Bulawayo - Indoda yaseMphoengs, eZimbabwe, iphila ngomusa ngemuva kwezinsolo zokugwazwa ngomkhonto esweni kulandela ingxabano kubangwa utshwala besintu emcimbini.

Ingxabano kusolwa ukuthi yenzeka ngoJuni ngemuva kokuba uMdilizelwa Nkomo, 54, wabuza abantu bendawo emcimbini ukuthi abakaze yini bazibone izimbuzi zakhe.

Inkantolo ilalele ukuthi uPocent Dube, 32, kusolwa ukuthi wathethisa uNkomo kwabe sekusuka ingxabano, kwaphoqeleka ukuba baxoshwe emcimbini.

OLUNYE UDABA:Uboshiwe umalugaju wacelemba

UNkomo ulalele ukuthi waya kwakhe kodwa endleleni wahlangana noDube ehamba nomfowabo uTedious Sibanda, 50, owamsola ngokuba wuhlupho.

UDube kusolwa ukuthi wagwaza uNkomo ngomkhonto esweni nasemzimbeni, uTadious yena wamuklabha ngembazo kabili ekhanda ngaphambi kokuba "useqedile ngaye" uNkomo.

Lezi zelamani ziliphikile icala lokuzama ukubulala ngesikhathi zivele eNkantolo yeMantshi yaseBulawayo.

Laba bobabili bagcinwe esitokisini. Icala lihlehliselwe umhlaka-25 Okthoba.

 - Bulawayo24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...