Indoda igwaze umzala wayo kubangwa imali yokugibela

2018-04-03 19:30

Bulawayo - Ivelile enkantolo indoda eneminyaka engu-22 ubudala yaseBulawayo ngezinsolo zokugwaza umzala wayo kubangwa imali.

UDumisani Ngwenya waseMpopoma usolwa ngokugwaza uBhekinhlannhla Ngwenya amanxeba amabili ngommese wesinkwa kubangwa imali yokugibela ibhasi.

UBhekinhlanhla wanikwa ngumama kaDumisani imali yokugibela ibhasi eya ePlumtree, lokhu kwangahlala kahle kuDumisani wabe esehlasela umzala wakhe kubangwa imali.

Imali ayizange igagulwe enkantolo.

OLUNYE UDABA:Ubaba ubulale indodana kubangwa amakinati

UDumisani ulivumile icala lokuhlasela omunye ngaphambi kweMantshi yeNkantolo yaseWestern Commonage yLungile Ncube ngoLwesine odlule.

Imantshi yamgcina esitokisini njengoba kusalindwe umbiko wakwadokotela ngesimo sikaBhekinhlanhla.

Umshushisi uMargret Takawira uthe uDumisani wagwaza umzala wkahe esiphongweni naseqakaleni ngommese wesinkwa, kulandela ukungaboni ngaso linye mayelana nemali eyanikwa umzala wakhe ngoLwesibili olweldule.

"Ngomhlaka-27 Mashi ngezithuba zabo-21:00, ummangali nomsolwa baba nokungaboni ngaso linye ngemali yokugibela eyanikwa uBhekinhlanhla," usho njalo.

"Ngemuva kokuphikisana ngamazwi, ummangali wabe eseyolala. Umsolwa wamulandela ekamelweni, wafike wakhiya isicabha wamugwaza esiphongweni naseqakaleni."

UTakawira uthe uBhekinhlanhla waphuthunyiswa esibhedlella eyolashwa ngemuva kokulimala.

 - Bulawayo24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...