Indoda igence owesifazane kubangwa isaka lempuphu

2017-01-22 15:18

Malawi – Owesifazane oneminyaka engu-22 ubudala waseKesi, eMalawi, ulimale kanzima ngemuva kokuthi owayengumyeni wakhe emhlasele ngocelemba kubangwa isaka lempuphu.

Kuthiwa umyeni uvuke inj’ebomvu ngemuva kokuthi lo wesifazane enqabe ukuba adayise le mpuphu.

Isisulu u-Agness Faindani, sitshele iMalawi News Agency (MANA) ngoLwesine ekuseni uvuke waya ensimini, wathi uma ebuya watshela ukuthi umsolwa ufike endlini wathatha isaka lempuphu.

OLUNYE UDABA: Ugencwe ngocelemba onqabe ukwenza ucansi nachithe nayo amahora ekilabhini

“Ngibe sengiyamjaha ngenhloso yokumbuza ukuthi uyiyisaphi impuphu yami. Kube sengizonele njengoba evele wangigenca ngocelemba,” kuchaza uFaindani.

Okhulumela isibhedlela saseMchinji uthe uFaindani ulimale kabi ekhanda nasemzimbeni wase ephuka ingalo.

Amaphoyisa athe ayaphenya ngalesi sigameko kanti azimisele ngokubopha umsolwa, u-Aonenji Chidangwe, 41, kungekudala.

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...