Indoda ibulale umkayo ngocelemba ngoba emncisha ucansi

2016-09-16 10:00

Nairobi – Owesilisa waseMigori County, eKenya, ubulale unkosikazi wakhe ngoba nakhu emncisha ucansi, kusho umbiko wezindaba.

Umsolwa, uMageyi Ouru, kuthiwa uhlasele umkakhe ngocelemba wamshiya enenxeba elibi elijulile.

Isisulu sibe sesishona ngaphambi kokufika esibhedlela eMigori Level 4 Hospital.

Isikhulu samaphoyisa kuleya ndawo uYusuf Huka usiqinisekisile lesi sigameko wathi amaphoyisa aphume inqina athungatha umsolwa ukuze aboshwe.

OLUNYEUDABA: 'Wagqema' umkakhe ngembazo ngoba emncisha ucansi

Omakhelwane bathi le ndoda ihlala eNairobi ngokomsebenzi, kanti kuthe ivakashele ekhaya unkosikazi wayo wanqaba ukuthi benze inkonzo yasekamelweni, yabe isiyathukuthela yamhlasela.

Unkosikazi ubekhala ngokuthi umyeni wakhe kade ahamba ekhaya futhi ubengasamnaki.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesonto eledlule kubikwe ngowesifazane wase-Uganda ojumpule isitho sangasese somyeni wakhe emsola ngokuqonywa, okuholele ekutheni angasaluthola ucansi.

USarah Avuti,30, kuthiwa wenze lesi sigameko ebusuku umyeni wakhe ehuqaubuthongo.

- MyNews24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...