Indoda 'ibulale' umakhelwane kulandela ukubhuntsha kwesivumelwano sembongolo

2017-11-10 19:30

Bulawayo – Owesilisa waseZimbabwe oneminyaka engu-38 ubudala uvele enkantolo ngezinsolo zokubulala umakhelwane wakhe kulandela ukubhuntsha kwesivumelwano sezimbongolo ababesenzile, kusho umbiko.

Ngokusho kweNewsDay, uHlupeko Mabuzane akazange abuzwe ukuthi uyalivuma noma uyaliphika na icala eNkantolo yeMantshi yaseZvishavane ngecala lokubulala umakhelwane wakhe uMalambeni Makondo.

UMabuzane kulindeleke ukuba abuyele enkantolo ngomhlaka-14 Novemba.

Inkantolo yalalela ngesonto eledlule ukuthi umsolwa wathenga imbongolo kuMakondo laba bobabili bavumelana ngokuthi umufi uzoyiletha emzini kamsolwa le mbongolo.

OLUNYE UDABA: Ubulale umngani bephikisana ngabaholi bezombusazwe

Umufi nokho kuthiwa wehluleka ukuletha le mbongolo ngesikhathi okwakuvunyelwene ngaso, kwase kuqubuka ingxabano.

Umsolwa kusolakala ukuthi wabe esecosha isigodo wahlasela ngaso umufi izikhawu ezimbalwa ekhanda nasengalweni.

UMakondo waphuthunyiswa esibhedlela iZvishavane District lapho afike ashonela khona.

Lesi sigameko siza ngemuva kokuthi indoda eneminyaka engu-34 ubudala ibulale umngani wayo ebiphuza naye - ngokumklabha ngembazo ngoba emshiyile esehamba ejoyintini.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...