Indoda ibulale umakhelwane kubangwa umqwayizi

2016-11-25 12:33

Bulawayo - Isobishini indoda yaseDenver eMguza, eZimbabwe, ngezinsolo zokubulala umakhelwane kulandela ingxabano ngesikhathi kubangwa umqwayizi.

UZibusiso Khumalo, 23, akabuzwanga ukuba uyalivuma noma uyaliphika na icala ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yaseBulawayo ngoLwesibili.

UKhumalo uzophinde avele enkantolo ngomhlaka-8 Disemba.

OLUNYE UDABA: Uvelile 'obulale' umkakhe kubangwa imali

Inkantolo ilalele ukuthi ngomhlaka-10 Okthoba kulo nyaka uKhumalo wayehamba nabangani bakhe abasagcwele izinkalo namanje, ngesikhathi kuqubuka ingxabano nomufi uJames Ndlovu kubangwa umqwayizi.

Ngemuva kwalokho kwaliwa uKhumalo wadonsa ummese okusolwa ukuthi yiwo agwaza ngawo uNdlovu kabili esifubeni.

UNdlovu wazama ukubaleka eyofuna usizo kodwa wavele wawa phansi washona.

Udaba lwabikelwa amaphoyisa, waboshwa uKhumalo.

UKhumalo wazisholo yena ukuthi nguye ogwaze uNdlovu ngesikhathi ephoswa imibuzo ngamaphoyisa, ethi wayezivikela kumufi ngesikhathi ezama ukumhlasela ngembazo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 5-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 12-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...