Indoda eyabhunguka ibuye ekhaya yabulala umkayo imsola ngokuphinga

2017-09-12 12:29

Mutare – Owesilisa waseZimbabwe owashiya umndeni wakhe eminyakeni engu-25 eyedlule kubikwa ukuthi ubuye ekhaya eMutare ngoLwesihlanu olwedlule, ‘wabulala’ umkakhe ngaphambi kokuba anyamalale futhi.

Ngokombiko wephephandaba iHerald amaphoyisa athungatha indoda eneminyaka engu-54 ubudala engu-Elisha Murimba ngezinsolo zokubulala umkayo uVictoria Murimba.

Okhulumela amaphoyisa u-Assistant Inspector Luxson Chananda ukuqinisekisile ukubulawa kowesifazane, wacela onemininingwane engaholela ekuboshweni komsolwa ukuba aphumele obala.

OLUNYE UDABA: Umka Mugabe uthi akashayanga muntu, kodwa wahlaselwa

UChananda uthe isidumbu sikaVictoria sitholwe yindodakazi yakhe ngakusasa ngemuva kokungababoni abazali bakhe bephuma ekamelweni.

“Ngesikhathi indodakazi ivula isicabha ibone unina esasembedeni. Kuthe uma emembula ingubo yokulala wabona igazi eliningi.

"Wayenqunywe uqhoqhoqho. Wamemeza omakhelwane abafika ngokushesha endaweni yesigameko, kodwa uyise wayengabonwa,” kusho uChananda ecashunwa yiphephandaba.

UMurimba kuthiwa ushiye incwadi ethi umkakhe wayejola namanye amadoda ngesikhathi yena engekho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...