Indoda enesikhwele igwaze umakhelwane kubangwa intombi

2017-01-03 14:32

Bulawayo -Ishaywe ngoswazi oluncane indoda yaseMzilikazi eBulawayo ngemuva kokugwaza umakhelwane wayo kubangwa intombi.

Le ndoda ijeziswe ngokwenza umsebenzi womphakathi amahora angu-315. 

UVusimuzi Ndlovu Mpofu ulivumile icala lokushaya ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yaseBulawayo.

OLUNYE UDABA:Kutholwe isidumbu sowesifazane sinqunu

 Imantshi yenkantolo igwebe uNdlovu izinyanga ezingu-12 ejele yamulengisela ezintathu iminyaka engu9 ngaphansi komgomo wokuziphatha kahle. Izinyanga ezingu-9 zalengiswa ngaphansi kwesigwebo sokwenza umsebenzi womphakathi amahora angu-315.

Inkantolo ilalele ukuthi ngomhlaka-15 Novemba 2016  ngezithuba zabo-18:00 eMzilikazi uMpofu wahlasela uBekithemba Mbali Hadebe, 19, wamgwaza amanxeba amabili ngommese wesinkwa ngemuva kokungaboni ngaso linye kubangwa intombi.

UHadebe walimala kanzima ethangeni waphuthunyiswa esibhedlela iMpilo Central eyolashwa.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...