Indiza enophephela emhlane iphoseke esizibeni

2017-10-21 14:30

Nairobi – Isikhulu saseKenya sithi indiza enophephela emhlane iphoseke esizibeni iLake Nakuru eRift Valley isanda kusuka ehhotela eliseduzane.

Iphini likamqondisi weNational Disaster Management Unit uPius Mwachi ngoMgqibelo lithe akucaci kahle ukuthi bangaki abantu ebebephakathi, nokuthi bangobani.

OLUNYE UDABA: Umholi weqembu eliphikisayo uboshelwe elokuzama ukubulala

UMwachi uthi iyaqhubeka imizamo yokutakula.

ILake Nakuru, engamakhilimitha angu-170 ukusuka enhlokodolobha yaseKenya iNairobi, idume ngokugcwala ama-flamingo colonies okuthi uma egcwele kushitshe umbala kube sengathi i-pink.

- AP

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...