Indida umama ezokhela ngomlilo emotweni ekade ehambise izingane esikoleni

2017-10-02 19:29

Harare – Owesifazane oneminyaka engu-33 ubudala uzokhele ngomlilo washona engaphakathi emotweni yakhe ngaphandle kwaseNational Sports Stadium, eHarare, eZimbabwe, ngesonto eledlule.

Ngokusho kwephephandabs elingaphansi koMbuso, iHerald, amaphoyisa asiqinisekisile lesi sigameko, anenezela ngokuthi athole le moto ishe yangqongqa. Isidumbu salo wesifazane besingaphakathi kule moto.

Kuthiwa uzishisa nje ubekade eqeda ukubeka izingane esikoleni.

Amaphoyisa asola izinkinga zasekhaya ukuthi yizo eziholele ekutheni azibulale.

Umbiko uqhube ngokuthi kunophenyo oluqhubekayo ukuze kutholakale ukuthi yini eholele kulesi sigameko.

OLUNYE UDABA: Uzokhele ngomlilo washona obexabene nomkakhe

"Ushiye umyeni wakhe no-anti ekhaya, kuthe uma ethatha isikhathi eside ukubuya, umndeni wanquma ukumlandela. Bathole imoto abehamba ngayo isha ubuhanguhangu, eseshonile ngaphakathi.

"Imoto ibingasabonakali, kanti kusolwa ingxabano yasekhaya kulesi sehlakalo, yize okwamanje imininingwane ingacaci kahle," kucashunwe okholumela amaphoyisa esho kanje.

Lesi sigameko siza ngemuva kwamasonto amathathu omunye wesifazane waseChipare, eChipinge, edle ushevu washona ngemuva kokuthi umyeni wakhe evune imifino ensimini yakhe wayinikeza unkosikazi wakhe wesibili, kubika iNew Zimbabwe.com.

Amaphoyisa athi uSibongile Munyanya, 24, ushone ngemuva kokuphuza umuthi wokubulala izinambuzane.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...