Imoto ishayise yabulala 23 wabantu ephathini

2018-03-26 14:00

Maputo - Abezindaba eMozambique bathi kushone abantu abangu-23 ngesikhathi imoto iphaphalaza ishayisa isixuku ephathini enhlokodolobha yezwe.

IRadio Mocambique ithi imoto ibihamba ngesivinini esiphezulu ngesikhathi ishayisa isixuku sabantu ngeSonto, eMaputo.

Ngokubika kwesiteshini somsakazo, lesi sigameko sithathwa njengengozi.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele oklabhe umyeni wakhe ngocelemba

Isikhulu samaphoyisa uPaulo Langa sithi umshayeli wemoto ushaye indiva umyalelo wephoyisa ebelimmisa ngaphambi kokuba ashayise abantu.

IRadio Mocambique icaphune uLanga ethi umshayeli naye ushonile.

Uphenyo luyaqhubeka ngesigameko.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...