IMelika iyalele izakhamuzi ukuba zingawagibeli amabhanoyi e-Air Zimbabwe

2017-06-05 10:59

Harare – Ihhovisi lenxusa laseMelika elisenhlokodolobha eZimbabwe, kubikwa ukuthi selivale izisebenzi zalo kanye nezakhamuzi zaseMelika ekusebenziseni izindiza zenkampani yakuleliya lizwe, i-Air Zimbabwe, likhala ngezokuphepha.

Ngokombiko weNewsDay, okhulumela ihhovisi lenxusa uDavid McGuire esitatimendeni uthe umyalelo uqala ukusebenza ngokushesha.

Uthe lo myalelo uzohoxiswa uma nje zonke izinkinga sezilungisiwe, ngoba bafuna izinto zihambe ngokwemigomo yamazwe omhlaba.

OLUNYE UDABA: 'Akekho olungele ukuthatha isikhundla sikaMengameli'

"Siyohlale sikulungele ukusebenzisana ne-Air Zimbabwe kanye neCaaz [Civil Aviation Authority of Zimbabwe] nganoma yiziphi izindlela njengoba belungisa izinkinga."

Imibiko ngenyanga edlule yaveza ukuthi i-European Commission isivale i-Air Zimbabwe ukuba ihambele emazweni ase-Europe, nayo ikhala ngezokuphepha. 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...