Ikhihle isililo indoda enkantolo kufunwa eyesondlo

2016-01-05 13:39

Bulawayo - Ikhihle isililo enkantolo indoda yaseMatshobana ngoMsombuluko ngesikhathi umkayo efuna isigamu semali elimnganiselwe kwengu-R176,52 yakhe yomhlalaphansi ezokondla izingane.

UStephen Ndlovu utshele inkantolo ukuthi useshade no-Esnath Ndlovu iminyaka engu-38 futhi emnakekela yonke le minyaka.

Ngokusho kukaNdlovu bekungafanele u-Esnath afune isamba semali esingaka.

"Sengisebenze iminyaka engu-30 kanti kuyo le minyaka bengimnakekela unkosikazi wami. Ufuna isigamu sempesheni yami ngoba akafuni siyohlala emakhaya naye," usho kanje etyshela inkantolo.

OLUNYE UDABA: Ufake unkosikazi enkantolo efuna isondlo

"Njengamanje ngihlalele ovalweni ngoba angase angibulalele imali yami ngisho sengathatha izingane zaklhe ezimbili ngazenza ezami ungibonga kanje," kusho uNdlovu.

UNdlovu ima ezoyithola imali yakhe yomhlalaphansi.

"Ngisebenzela inkampani iNational Railways of Zimbabwe kanti asikaze siholelwe kusukela ngonyaka wango-2014.

"Yonke imali engiyitholayo ngiyisebenzisa naye.

Yize kunjalo u-Esnath utshele inkantolo ukuthi ufuna imali elinganiselwe kwengu-88,26 yezingane.

"Akayithengi negilosa eyanele endlini.

Imantshi icala ilihlehlisele umhlaka-11 Januwari kuzolalelwa isinqumo.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...