Ikhethe ukuzibulala intombazane ethethiselwe ukuba namasoka amaningi isencane

2018-01-31 15:59

Lilongwe - Izibulale ngokuzilengisa intombazane eneminyaka engu-15 ubudala ngeSonto ngemuva kokuthethiswa ngabazali bayo ngokuba namasoka amaningi.

Le ntombazane, uBertha Anock, eyayeka isikole esasemabangeni aphansi, ibihlala nabazali bayo.

Ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseKanengo, u-Esther Mkwanda, ekuqaleni kwenyanga abazali bakaBertha bathola ukuthi unamasoka amaningi.

OLUNYE UDABA:'Izibulele' ingane etholwe ilenga ekhaya lezingane

"Ube eseyalwa ukuthi ahlukane nalo mkhuba wokuqoma amasoska amaningi ngesikhathi esisodwa ngoba usemncane kodwa ngeshwa wanyamalala ngomhlaka-28 Januwari ekuseni.

"Ngezithuba zabo-19:00 ngalo usuku anyamalala ngalo, watholakala elenga esihlahleni esingakubo," kusho uMkwanda.

Abaphenyi basesitehsini iLumbadzi nodokotela baseLumbadzi bavakashele endaweni yesigameko bafike baqinisekisa ukushona kukaBetha.

UBertha udabuka esigodini sakwaChabaza endaweni yaseChitukula, eLilongwe, eMalawi.

Amaphoyisa acele umphakathi ukuba ubikele iziphathimandla ngezinkinga esikhundleni sokuzibulala.

 - Malawi24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...