Ihlazo unesi eboshwelwa ukweba esitolo

2016-12-01 12:32

Bulawayo - Kuboshwe unesi wase-United Bulawayo Hospitals (UBH), eZimbabwe,  ngempelasonto ngemuva kombiko wokuthi webe igilosa esitolo esisedolobheni.

Onogada bambambe ngoMgqibelo ezama ukuphuma esitolo sakwaPick n Pay nempahla engakhokhelwe.

Unesi, ohlonzwe njengoSister Dzvange, kuthiwa ukhombise unogada irisidi endala njengobufakazi bokuthi ukhokhile.

OLUNYE UDABA: Ishaqise abantu ingane,12, inqaba ukukhipha isisu

Umthombo ongaphakathi esitolo uthe onogada bathole ukuthi umsolwa ubephethe impahla engabiza u-$70 (elinganiselwa ku-R900).

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa akwaBulawayo u-Inspector Abednico Ncube ngoLwesithathu uthe ubengakawutholi umbiko kodwa izithombe uzibonile enkundleni yezokuxhumana.

Unesi ufakwe ozankosi, amaphoyisa ahamba naye, kubika iMyZimbabwe.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 18-32°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-33°C Showers late. High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-24°C Drizzle. Partly cloudy. Mild. PE: 17-24°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...