Igqunywe esitokisini indoda esolwa ngokubhaxabula unina

2018-01-10 19:32

Bulawayo - Indoda eneminyaka engu-40 ubudala yaseBulawayo, eZimbabwe, ivele enkantolo ngezinsolo zokwephula imibandela yencwadi yesivimbelo mayelana nezinsolo zokushaya unina.

UKevin Chikerema waseNkulumane usolwa ngokushaya umama wakhe uMaria Chikerema nakuba inkantolo yaseWestern Commonage yaminka incwadi evikela ukuba abeke umama wakhe isandla ngomhlaka-5 Januwari 2017.

UKevin uvele phambi kwMantshi yaseNkantolo yaseWestern Commonage, uTancy Dube, ngecala lokwephula umyalelo wenkantolo.

OLUNYE UDABA:Isivakashi sibulawe yingwenya

UKevin uliphikile icala kanti futhi ugcinwe esitokisini.

"Kusukela maphakathi noSepthemba 2017 kuya kumhlaka-23 Disemba 2017 uKevin wephula umthetho wencwadi yesivikelo ngokusabisa umama wakhe," kusho umshushisi u-Esther Sibanda.

"Umsolwa ubenokufika ekhaya ecwile ezinkambini zikaFaro, afike ashaye umama wakhe phambi kukadadewabo, uPrimrose Chikerema."

UPrimrose utshele inkantolo ukuthi uKevin wake wagibela ngisho naphezu kwendlu ngoba efuna ukucasula umama wakhe.

"Ufika ekhaya phakathi nobusuku ephuze usthwala, afike abange umsindo, thina sibe silele," esho.

"Kwesinye isikhathi ufika nabangani bakhe bafike bapheke. Ngelinye ilanga wafike wagibela phezu kwendlu ememeza ethi umuzi wakhe lo."

 - Bulawayo24


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...