IGermany ifuna iZimbabwe inxephezele izakhamuzi zayo ezadlelwa umhlaba

2017-05-18 09:31

Harare – Izwe laseGerman kubikwa ukuthi lifuna isinxephezelo ngokudliwa komhlaba wezakhamuzi zalo ngesikhathi kwenzinwa izinguquko ngokuphathwa komhlaba eZimbabwe, lithi lolu daba lubaluleke kakhulu.

Ngokombiko weNew Zimbabwe.com, inxusa laseGerman eZimbabwe uThorsten Hutter uthi udaba lwesinxephezelo luyingxenye yezingxoxo zakamuva eziphakathi kukahulumeni waseZimbabwe ne-European Union. 

UHutter ukusho lokho kulandela umhlangano abenawo noSomlomo wePhalamende uJacob Mudenda.

OLUNYE UDABA: Okhuzwe ezikhuluma phambi komuzi ubhixe umnikazi womuzi ngendle

"Kunabantu abaningi baseGerman abatshala izimali eZimbabwe ngemuva kokuba izwe lithole ukuzimela kodwa abangasekho lapha…Angikhulumanga ngalolu daba noSomlomo wePhalamende namhlanje kodwa engingakusho ukuthi lolu daba lubalulekile,” kucashunwa uHutter. 

Imibiko yango-2016 yaveza ukuthi iZimbabwe yayisinazo izinhlelo zokunxephezela abalimi abamhlophe abadlelwa umhlaba  kanti uhulumeni wayeseqalile futhi ukubheka ukuthi angase akhokhe kangakanani.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C Rain late. More clouds than sun. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 2-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 10-24°C High level clouds. Mild. PE: 14-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...