Igcwele amathafa indoda eyabulala enye kubangwa umqwayizi

2018-03-22 18:01

Bulawayo -Igcwele amathafa indoda yasezimayini zaseMazowe eneminyaka engu-23 ubudala ngemuva kokuphuma kombiko wokuthi igwaze yabulala umvukuzi ngebhodlela kubangwa umqwayizi.

Imithombo esondelene nophenyo isola ukuthi uNasio Soza, 23, walwa nomvukuzi oneminyaka engu-25 ubudala ogamalakhe nguSteven kubangwa umqwayizi ethaveni iDoxford ngezithuba zabo-02:00.

USoza kubikwa ukuthi wacosha ibhodlela ngesikhathi kuliwa waliphihliza phansi wabe esegwaza ngalo uSteven esiswini.

OLUNYE UDABA:Sibi isimo endondeni ebhaxabulwe kubangwa umqwayizi

Kusolakala nokuthi uSteven wopha kakhulu engekho onesibindi sokumsiza besaba ukuba ngofakazi bamaphoyisa kulesi sehlakalo.

"Ngemuva kwesigameko uSoza wanyamalala namanje akaziwa ukuthi ukuphi, ngeshwa uSteven kwaphela amahora amabili engasizwa wumuntu abantu besasaba ukuba ngofakazi enkantolo.

"Yize kunjalo, omunye wabathengi wagcina emuphuthumise emtholampilo oseduze lapho owafike washonela khona," kudalula umthombo.

Khonamanjalo, iningi lamacala enzeka eDoxford Bar imvamisa kuba ngamacala abandakanya abaqwayizi nabavukuzi abazimele.


 - Bulawayo24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...