Ifuna idivosi othi usekhathele yindlala yocansi

2016-06-01 18:29

Lagos – Indoda eneminyaka engu-64 ubudala yaseNigeria isibabele enkantolo ifuna ukudivosa unkosikazi wakhe weminyaka engu-32, ngoba ikhala ngendlala yocansi.

UMustafa Ariori ufuna ukudivosa uTawakalitu, 60.

U-Ariori uthi sekuneminyaka eyisithupha unkosikazi wakhe engasamphekeli kanti usemncishe ucansi iminyaka emithathu, kubika iVanguard.

“Inkinga yaqala ngesikhathi umkami enyamalala nomngani wami ngo-2010, wathi uma esebuya wabuya engasafuni ngimthinte,” elandisa.

OLUNYE UDABA: Uthi ufuna idivosi osekhathele ukuncishwa ucansi

Uthi umndeni wazama ukungenelela ukuze kutholakale isixazululo, kepha lokho akuzange kwenze mehluko.

Lo nkosikazi, ongusomabhizinisi, uthi uyakweshwama lokhu okushiwo ngumyeni wakhe enkantolo wathi solokhu kwathi nhlo ikhaya limiswe nguye ngoba nguye osebenza into esile.

“Umyeni wami ubegqokiswa yimi futhi yimi ebengenza konke ekhaya. Inkinga manje ukuthi ibhizinisi lami alisahambi kahle. Akasangifuni ngoba ngingasamniki imali. Angikwazi konke lokhu akhuluma ngako,” kusho unkosikazi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Morning clouds. Cool. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...