Iboshiwe indoda 'ebulale' indodakazi ibalekela ukukhipha eyesondlo

2017-11-02 18:00

Bulawayo - Kuboshwe indoda eneminyaka engu-34 ubudala, eJuru ngezinsolo zokuklinya ibulale indodakazi yayo eneminyaka engu-7 ubudala ngaphambi kokulahla isidumbu edamini ngoba ifuna ukubalekela ukukhipha imali yesondlo.

UCharles Kavhumbura waseSusman Farm, eJuru, njengamanje ulekelela amaphoyisa ngophenyo ngemuva kwezinsolo zokuvuma ukubulala indodakazi yakhe, uRufaro.

Imizamo yokuthola uvo lwamaphoyisa aseMashonalande East ayiphumelelanga ngoLwesithathu.

Ngokusho komthombo, ngomhlaka-14 Okthoba, loyo owayengunkosikazi kamsolwa uPedzisai Kachepa, 32, washiya indodakazi esingumufi nomfowabo oneminyaka engu-10 ubudala, ngesikhathi eya esikoleni esiseduze samabanga aphansi.

OLUNYE UDABA:Ufake unkosikazi enkantolo efuna isondlo

Kubikwa ukuthi ngesikhathi esebuya ekhaya, uKachepa akazange ayithole indodakazi yakhe nakuba eyeseyifune yonke indawo ngaphambi kokuyobika emaphoyiseni ukuthi idukile.

Isidumbu sikamufi satholwa ngabafundi ababili sintanta edamini ngemuva kwezinsuku ezimbili. La bafundi babeyokha amanzi edamini, base bebikela amaphoyisa ngesidumbu.

Kubikwa ukuthi amaphoyisa akhipha isidumbu emanzini, umsolwa owayesesixukwini nguye owahlonza isidumbu njengesendodakazi yakhe.

Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu esibhedlela iParirenyatwa iveze ukuthi ingane yashona ngokulimala ekhanda nasentanyeni.

Amaphoyisa ancinzwa indlebe ngokuthi uKachumbura nguye osolwa ngokubulala le ngane.

Ngesikhathi umsolwa ephoswa imibuzo wavuma ukuthi nguye owabulala indodakazi ngenhloso yokungayikhiphi imali yesondlo ebifunwa ngowayeyinkosikazi yakhe.

 - Bulawayo24

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...