IBoko Haram ithumbe amantombazane angu-22

2017-04-01 12:38

Kano - IBoko Haram ithumbe amantombazane kanye kanye nabesifazane abangu-22 sebebonke  ezehlakalweni ezahlukene ngesikhathi egasela enyakatho-mpumalanga yeNigeria, kusho izakhamuzi zitshela i-AFP ngoLwesihlanu.

Esigamekweni sokuqala esenzeke ngoLwesine, iBoko Haram igasele endaweni yasePulka eduzane nomngcele waseCameroon nokuyilapho ithumbe khona amantombazane angu-18.

"Amasosha eBoko Haram aseMamman Nur afike ngamaveni ngezithuba zabo-06:00 ashaqa amantombazana angu-14 aneminyaka engu-17 ubudala nangaphansi ngesikhathi izakhamuzi zibalekela ehlathini,” kusho umholi wasePulka.

"Baphinde bathatha namanye amantombazane amane abebalekela ehlathini elingaphandle kwale ndawo,” kusho umholi womphakathi ongafunanga kudalulwe igama lakhe.

OLUNYE UDABA: Usale ebhajwe kushemula obezogqekeza nabangani

Kwesinye isigameko esenzeke ngaphandle kwaseDumba, eduze naseLake Chad, iBoko Haram ibulale oyedwa ozame ukweqa ngemuva kokwenqaba ukukhokha imali yokuvikelwa, kusho u-Adamu Ahmed, oyilungu labalwisana neBoko Haram.

"Ngesikhathi oshayasibhamu beBoko Haram bezolanda imali, bamthole eseshaye wachitha nakho konke okungokwakhe, base bemjaha,” kusho u-Ahmed.

"Bambambe ngaseDumba nokuyilapho bembulalele khona baphinde badubula nemfuyo.

"Bathathe abesifazane abane emndenini wakhe,” esho.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-16°C Sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...