IBoko Haram ikulungele ukukhuluma elokudedelwa kwamantombazane

2016-10-17 13:29

Abuja - IBoko Haram kubikwa ukuthi isizwakalise ukuthi izimisele ukudingida eyokukhululwa kwamantombazane angaphezulu kwangu-83 athunjwa eChibok ngemuva kokukhululwa kwamanye angu-21 kulawo angaphezulu kwangu-200 ayethunjiwe.

Ngokombiko weSABC, okhulumela ihhovi likamengameli uGarba Shehu udalule lokhu okuqhubekayo, wathi uhulumeni waseNigeria uzimisele ukufinyelela esivumelwaneni neBoko Haram.

Funda nalolu daba: Kumangale abaningi ingane icishe izalela ekilasini

Kunemibiko ethi amalungu aleli qembu ahlukene phakathi ngemuva kokuba u-Abu Musab al-Barnawi ebekwe njengomengameli walo omusha.

IBoko Haram ithi ikulungele ukuxoxisana nohulumeni uma ezimisele ngokuhlala nabo phansi, kusho uShehu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Passing showers. Partly cloudy. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...