IBoko Haram ikhiphe i-video eveza kubulawa abasolwa ngokuba yizimpimpi

2017-03-16 11:05

Johannesburg – Inhlangano eqapha amaqembu abashokobezi ithi iBoko Haram ikhiphe i-video eveza bebulala abantu abathathu abasolwa ngokuba yizimpimpi.

Izisulu zivezwa zidutshulwa, zinqunywa namakhanda.

I-SITE Intelligence Group esitatimendeni esikhiphe ngoLwesine ithe obanakale kwi-video ebulala abantu ubelokhu ebiza izisulu ngezimpimpi zikaMengameli waseNigeria  uMuhammadu Buhari.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe obulale umyeni wakhe ngeqhoks

I-SITE ithe nakuba i-video iqala ngokuveza izithombe ‘zezifundazwe ze-Islamic State’, ingeyeBoko Haram.

I-SITE ithe lokhu kuveza ngokusobala ukuthi leli qembu lizimile ngandlela thizeni.

Enye ingxenye yeBoko Haram isebenzisana ne-Islamic State.

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showery. More sun than clouds. Cool. Pta: 6-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-22°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-22°C Mostly sunny. Cool. PE: 12-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...