I-SA 'ayiphephile' kuMugabe nomkakhe - Umbiko

2017-11-23 18:00

Harare – owayenguMengameli waseZimbabwea uRobert Mugabe kanye nomkakhe uGrace bangabhekana nezinkinga ezinkulu uma bengacela ukubhaca eNingizimu Afrika.

Kuthiwa lokhu kungenziwa wukuthi izishoshovu ezimele amalungelo abantu angafuna ukubahlambalaza ngamacala abawenza kuwo womabili lawa mazwe.

Ngokubika kweNew Zimbabwe.com, ecaphune uPhrofesa wenyuvesi iWits University u-Anthoni van Nieuwkerk, ethi kubukeka sengathi abakwaMugabe ngeke bazinze eNingizimu Afrika.

OLUNYE UDABA:UMugabe uthi ufuna ukufela eZimbabwe

“Ngeke bakuthole ukuthula uma bebhace kuleli. UGceane wafika kuleli washaya isakhamuzi sakuleli kanti abantu uma eke walibhada kuleli kuzomele abhekane nengalo yomthetho. Izishoshovu zethi ngeke zikwamukele ukubakhona kwakhe aze aphekane nengalo yomthetho,” kusho uNieuwkerk was quoted as saying. 

UNieuwkerk uthe uMugabe yena angahlambalazwa ngobuholibakhe beminyaka yama-1980 lapho kwabulawa izinkulungwane zabantu eGukurandi eMatabeleland nakwezinye izindawo.

Lokhu ukusho kulandela imibiko yokuthi lo mndeni ungahle ulishiye elakubo ngenxa yezokuphepha.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...