I-MDC ithi ayazi lutho ngohulumeni wesikhashana obandakanya uTsvangirai

2017-11-17 12:30

Harare - Iqembu eliphikisayo eZimbabwe iMovement for Democratic Change (MDC) isiyiphikile imibiko ethi umholi wayo uMorgan Tsvangirai unikezwe isikhundla sikaNdunankulu kuhulumeni wesikhashana kuleliya lizwe.

Lokhu kulandela ukuthi umbutho wezempi eZimbabwe umemezele ukuthi sekukhala esawo isicathulo ezweni, ngokuthatha izintambo kuhulumeni kaMengameli Robert Mugabe, wase ubopha abanye ongqongqoshe nabaholi beZanu-PF.

UMugabe uhlangane nabakhuzi bombutho wezempi abebeyingxenye yokushaqwa kuMbuso, okumbone eboshelwe emzini wakhe izinsuku ezimbili.

OLUNYE UDABA: UMugabe uzonikezela ngamandla kuMnangagwa 'kungekudala' – Umbiko

Kube nokuhlawumbisela ukuthi kunesivumelwano okufinyelelwe kuso okubalwa kuso ukubunjwa kukahulumeni wesikhashana, ozoholwa yilowo obenguSekela Mengameli u-Emmerson Mnangagwa, kuthi uTsvangirai abe nguNdunankulu.

Nokho lowo oyiSekela likaMengameli kwi-MDC uNelson Chamisa uthe uTsvangirai akazi lutho ngalokhu okushiwoyo.

“Konke lokhu enikuzwayo kungamahlebezi nje nokuhlawumbisela. Ngingaqinisekisa ukuthi akukaze kufike muntu nalesi siphakamiso ngokusemthethweni kuTsvangirai. Nathi le ndaba siyizwa emoyeni nje."


- EWN

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...