I-IMF ithi izimisele ngokusiza iZimbabwe

2017-12-03 18:04

Johannesburg - I-International Monetary Fund (IMF) ithi izothumela izikhulu zayo eZimbabwe ngenhloso yokusiza izwe emizamweni yalo yokuqhamuka nemigomo ezisiza ekuvuseni umnotho.

I-IMF ithi izosebenzisana eduzane naleli lizwe osekuphele iminyaka eminingi likhishwa inyumbazane futhi lingakwazi ukuboleka imali kwi-IMF.

Le nhlangano ithi isimi ngomumo ukufaka igxalaba isize iziphathimandla zaseZimbabwe.

“UMengameli omusha wezwe u-Emmerson Mnangagwa uhlanganise iKhabhinethi kanti thina sikulungele ukusebenzisana eduze nezwe kanti ongqongqoshe kumele basisize ekutheni lokho kube yimpumelelo," kusho okhulumela i-IMF uGerry Rice.

OLUNYE UDABA: 'Ukuthula nothando ngaphezu kwakho konke' - kusho uRobert Mugabe Jr

UMnangagwa ngoLwesibili uqoke ibamba likaNgqongqoshe wezeziMali wabe esebeka umnqamulajuqu wezinyanga ezintathu zokuba kubuyiswe imali yezwe ethukuswe kwamanye amazwe ngabantu abathile kanye nezinkampani.

UMnangagwa uphinde wathembisa ngokulwa nenkohlakalo okuyiyona ebibatshazwa kakhulu ngaphansi kobuholi bukaRobert Mugabe beminyaka engu-37.

NgoLwesihlanu, uMnangagwa uthole ukugxekwa ngokwethula iKhabhinethi elibandakanya ukunikezwa “kobhululu” bakhe ababili abasembuthweni wezempi izikhundla eziphezulu.

Kuleli Khabhinethi kuphinde kubonakale nababesezikhundleni kuhulumeni kaMugabe kanye nokushaywa ngesithende kwamaqembu aphikisayo.

- Reuters

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...