I-ex igajwe yisikhwele yabulala umyeni wowayengunkosikazi wayo

2017-12-17 20:20

Lilongwe – Indoda ebigajwe yisikhwele ebisikhathele ukubona owayengunkosikazi wayo ehamba nendoda yakhe entsha, ihlulekile ukuzibamba yagcina isigwaza ibulala umyeni walo wesifazane omusha.

Ngokusho kombiko weNyasa Times, uGift Sitina, 23, uhlasele wabulala u-Austin Chirombo, 35, eMchezi Trading Centre, eLilongwe, ngoLwesine olwedlule.

U-Austin ugwazwe esiswini washona ngenxa yokopha kakhulu.

USitina kuthiwa ubesezame kaningi ukubuyelana nowayengunkosikazi wakhe, kepha isicelo sakhe singamukeleki.

OLUNYE UDABA: Belisabela impilo yalo isosha elibulewe yi-ex eCongo

Okwenze lesi simo sashuba kakhulu wukuthi laba bobathathu bebakhelene.

Okhulumela amaphoyisa u-Esther Mkwanda ucashunwe ethi: “Lokhu bekumcika kakhulu uSitina nangendlela umufi abethandana ngayo nowayengunkosikazi wakhe.”

USitina ube esekhalelwa ngamamsongo kaSigonyela kanti kulindeleke ukuba avele enkantolo maduze ngecala lokubulala.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...