UMugabe uxoshe isekela lakhe

2017-11-06 18:00

Harare - UMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe usexoshe iSekela likaMengameli u-Emmerson Mnangagwa ngoMsombuluko, kusho uhulumeni, ngesikhathi lapho ubukeka uqhubeka umbango phakathi kukaMnangagwa nonkosikazi kaMugabe, uGrace, wokungena ezicathulwemni zalo mengameli.

"UMengameli usesebenzise amandla anawo ukukhulula isekela lakhe umhlonishwa u-E.D. Mnangagwa esikhundleni abesiqhoqhobele," kusho uNgqongqoshe wezoLwazi ezweni uSimon Khaya-Moyo etshela izintatheli eHarare.

Lokhu kuza ngemuva kosuku uGrace kubikwe ukuthi uzwakalise ukuthi kumele uMnangagwa afakwe amasondo ezikhundleni azibambile kuhulumeni nakuZanu-PF ngaphambi kokubanjwa kwenkomfa.

"Amahlongandlebe eqenjini kumele ahambe ngaphambi kokuba kuyiwe engqungqutheleni elandelayo. UMnangagwa kumele alaxazwe singakayi kule nkomfa khona sizokwazi ukuba neqembu elibumbene," kucashunwe uGrace esho kanjalo.

Okwamanje akuveli ukuthi uMnangagwa uxoshelweni.

Kulandela lezi zindaba, abantu baveze izimvo ezihlukene kuTwitter:

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-27°C Numerous showers. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 22-28°C Showers late. Haze. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...