BUKA: Umengameli waseBotswana edansa kumenyezelwa ukuthi uMugabe usesulile

2017-11-22 09:30

Johannesburg - Kuzungeza i-video etshengisa uMengameli waseBotswana u-Ian Khama edansa ngemuva kokuzwa izindaba zokuthi wehlile esikhundleni uRobert Mugabe.

Le video iza ngemuva kokuba uKhama enxuse kaningi esidlangalaleni uMugabe ukube ashenxe esikhundleni.

UKhama, ocele uMugabe ukuba "enze into ehloniphekile ngokuzehlela esikhundleni njengomengameli waseZimbabwe" encwadini ayibhale kuleli sonto, ubonakala egxuma esihlalweni sakhe bese eshaya umdanso, kanti kusolakala ukuthi lokhu kwenzeke ngesikhathi ebuka bukhoma kusakazwa ukuthi uMugabe uwudedele uMbuso.

Lo mengameli ubonakala edansa aze ashone phansi kanye nabantu ababekhona kuleli gumbi abehleli kulona.

Buka nansi i-video ngezansi:

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...