Buka: Owesifazane oshadile etalabha umqwayizi obezitika ngocansi nomyeni wakhe

2017-01-22 13:30

Bulawayo - Kube nesiphithiphithi ezimayini zaseJumbo, eMazowe ngesikhathi umqwayizi ebanjwa oqotsheni egumbhini lokulala lowesifazane oshadile ngoLwesihlanu.

Kuzwakale ukuthi lo mqwayizi uthe ubengazi ukuthi le ndoda ishadelwe.

Kuqoshwe ivideo etshengisa inkosikazi yale ndoda ihlezi phezu kwalo mqwayizi imungenela ngezibhakela ekhanda.

Omunye wabazibonele ngamehlo le 'pero' utshele abeBulawayo24 ukurhi "Kuyangihlekisa ukuthi umuntu wesifazane oshadile angashaya omunye umuntu wesifazane kube kuwumyeni wakhe ophingile.

"Akusiye umqwayizi omuphingelile, empeleni ubezinakele indaba zakhe, abantu besifazane kufanele bayeke ukuhlukumezana ngenxa yamadoda."

Kuthiwa abaqwayizi bathelekile ezimayini zaseJumbo, bethi amadoda asebenza khona akhokha kahle.

 -Ivideo:

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-28°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...