BUKA: Kungani ziziningi kangaka izinhlwathi eHarare?

2018-03-17 10:30

Harare - Ungoti wezenyoka uBen Vermeulen wenkampani ezinze eHarare, iReptile Rescue, uthi usebizelwe ezigamekweni ezingu-9 ezehlukene ukuba azosusa izinhlwathi kusukela ngoJanuwari, wath isijwayelekile eyokubonakala kwalolu hlobo lwezinyoka kamuva.

"Esikutholayo wukuthi lolu hlobo lwezinyoka lufudukela eHarare ngenxa yokukhula kwamagundane akhona kuleli dolobha," kusho uVermeulen etshela iNews24. Akekho owaziyo ukuthi amagundane aseGambia asebonakala ethe chithi saka eHarare afika kanjani eZimbabwe.

Kwesinye sezithombe esisanda kusatshalaliswa, kubonakala inhlwathi enkulu ithamele ilanga onqenqemeni lwengadi emzini womuntu oseMount Pleasant, eHarare.

"Kule minyaka embalwa eyedlule sengibambe izinhlwathi eziningi eHarare kunalezo esengike ngazibamba eminyakeni eyishumi."

Uthi usebambe izinhlwathi eziphakathi kuka-180 no-200 eHarare kule minyaka emibili noma emithathu eyedlule.

Izinhlwathi zivikelekile eZimbabwe: ozibulalayo angase abhadle ejele iminyaka engu-9. Ngakho izakhamuzi ziyanxuswa ukuba zingazibambeli umthetho ngezandla.

Buka i-video lapha ngezansi:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...