BUKA: Kukhishwa izicubu zomzimba womfana esiswini sengwenya

2017-03-16 19:29

Harare - Kudutshulwe kwabulawa ingwenya endaweni esenyakatho yeZimbabwe okusolwa ukuthi ibulale maqede yazitika ngomfana oneminyaka engu-8 ubudala.

Kuqoshwe i-video esatshalaliswe enkundleni yezokuxhumana iYouTube etshengisa ingwenya efile ibheke phezulu kukhishwa izicubu zomzimba wale ngane. 

Kule video kubonakala amadoda edabula isisu sengwenya ekhipha izicubu zalo mfana ezibeka phezu kwengubo yokulala eseceleni.

Ngokwabezindaba zeBulawayo24, isigameko senzeke ngoMsombuluko eMushumbi, eMashonaland.

"Le ngwenya idutshulwe yabulawa ngoLwesibili yadatshulwa isisu. Izicubu zomzimba zalo mfana zibe sezitholakala esiswini sayo."

Ayikho eminye imibiko evelile ngalesi sigameko.

Iziphathimandla bezingakasiqinisekisi isigameko.

IVIDEO:

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Morning clouds. Cool. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-25°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-23°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...