BUKA: Indoda iphoqoke umlenze ihilizisana namaphoyisa

2017-07-07 11:09

Harare – Amaphoyisa aseZimbabwe athi azophenya isigameko okusolwa kuso amaphoyisa ngokusebenzisa isihluku enkabeni yeHarare ngemuva kokuthi umsizi kamshayeli webhasi abebehilizisana naye ephoqoke umlenze ngemuva kokungena ngaphansi kwebhasi kanti lizosuka.

Kule video lo wesilisa ubonakala esusa ama-spike abekwe ngamaphoyisa emasondweni ebhasi ngenhloso yokulivimba ukuba lingahambi.

Kepha kuthi elinye lamaphoyisa lisahilizisana naye, ibhasi bese liyasuka limgandaye umlenze uphuke.

Le ndoda ibe isishayeka phansi khona lapho.

Amaphoyisa abonakala ecela elinye ibhasi ukuba lithathe le ndoda. Izwakala ibhonga izwa izinhlungu ngesikhathi amaphoyisa ezama ukuyisukumisa.

Okhulumela amaphoyisa uCharity Charamba utshele i-ZBC ngoLwesine ukuthi amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko.

“Okwamanje kunzima ukuphawula ngale video ezungeza ezinkundleni zokuxhumana njengoba lingekho icala elivuliwe esiteshini samaphoyisa,” esho.

Buka i-video ngezansi:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-18°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...